Yakha eyakho i-pizza wenze kube isikhathi esiconsis’ amathe. Veza ikhono lakho lokuqamba – khetha ezithakweni eziningi wakhe uhlobo lwe-pizza oluthandayo.
Lapho i-pizza isibukeka ngendlela othanda ngayo, sekuyisikhathi sokuyibhaka. Yifake kuhhavini ubukele isikhokho siba nsundu, ubukele indlela ushizi oncibilika ngayo nazo zonke ezinye izithelo eziphekeka ngayo ngokuphelele. Uma i-pizza isivuthiwe, yibeke epuletini uyidle. Ayive imnandi!
Ungajabulela nokudlala ngamathoyizi, noma udlale umdlalo wenselele yocezu lwe-pizza ninja, noma udlale umdlalo omncane wama-slide oyisiphico.
Izici:
• imifanekiso emihle ecacile ye-HD
• umkhakha wokuxhumana ohlakaniphile nolula
• umdlalo ongapheli onezinhlanganisela ezingenamkhawulo
• izigcawu ezinyakazayo zokwenza, ukubheka, nokudla i-pizza
• i-pizza emi ngezindlela ezihlukahlukene, amasosi, nezinhlobonhlobo zoshizi
• izithako eziningi ongakhetha kuzo njengenyama, izinhlanzi, amaveji, amahlamvu, nezipayisi, izithelo, i-ketchup, oswidi ngisho namathoyizi
• umdlalo omncane wama-slide oyisiphico
• umdlalo omncane wocezu lwe-pizza ninja
Lomdlalo udlalwa mahhala kodwa izinto ezithizle, nalokho okunye okubhalwe engcazelweni yomdlalo, kungadinga ukukhokhelwa ngokuthenga nge-app okubiza imali yangempela. Sicela uhlole amasethingi edivayisi ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokukhetha mayelana nokuthenga nge-app.
Umdlalo uqukethe ezokukhangisa ngemikhiqizo ye-Bubadu noma ezinye izingxenye zesithathu okuzoqondisa abasebenzisi kwisayithi yengxenye yesithathu noma kuyi-app.
Ingqubomgomo yobumfihlo: https://bubadu.com/privacy-policy.shtml
Imigomo yokusebenzisa: https://bubadu.com/tos.shtml
Kubuyekezwe ngo-
Aga 8, 2024
Okungaxhunyiwe ku-inthanethi